Izimvu Zikankulunkulu

Izimvu Zikankulunkulu God is the way

26/01/2021

uJehovah uzoba nathi kuze kube sekupheleni komhlaba

07/08/2020

UNkulunkulu umema abantu bazo zonke izizwe ukuba basondele kuye ngomthandazo. (IHubo 65:2) Kodwa akalaleli noma amukele yonke imithandazo. Ngokwesibonelo, imithandazo yendoda ephatha kabi umkayo ingase ithiyeke. (1 Petru 3:7) Kanti nalapho ama-Israyeli ephikelela nokwenza okubi, uNkulunkulu wenqaba ukulalela imithandazo yawo. Kuyacaca ukuthi umthandazo uyilungelo. Noma kunjalo, uNkulunkulu uyayilalela imithandazo yezoni ezimbi kakhulu uma ziphenduka.—Funda u-Isaya 1:15; 55:7.

29/07/2020

IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu UYOKWENZA LEZI ZINGUQUKO EMHLABENI.“Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4“Olunyonga uyoqombola njengendluzele.”—Isaya 35:6“Amehlo ezimpumputhe ayovulwa.”—Isaya 35:5‘Bonke abasemathuneni bayokhunjulwa baphume.’—Johane 5:28, 29“Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24“Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni.”—IHubo 72:16

19/04/2020

Owami umzali ngangithi uyangizonda ngangithi uyangihlukumeza wayengithethisa engishaya engithuma engisebenzisa kwakubuhlungu kakhulu.owami umzali wayengithuma again and again ethi angiyomnanela ukudla kwamakhelwane ngase ngiscefe nakubo omakhelwane.owami umzali wayethi mengithuma estolo thimisele amathi phansi ethi angibuye engakoziki emhlabathini.owami umzali wayelima Mina ngibuthe izibi wayesika utshani Mina ngibe ngimqoqela izinyanda.ngangimgadela abantwana bakithi abeza emvakwami.impilo yayingelula imthwalo yayihlezi iboshiwe for indawo yokuhlala izimo zazifika zedlule kodwa ngangikhula nakuba kwakumqansa.ngamehlo Ami ngizibonile izimanga nezimangaliso ubuhlungu ngibuzwile futhi ngikunqobile.loMama ongizalayo wangifundisa ukbekezela inkolo nothando imbala impilo yona wathi ayisilo iphutha kodwa iphilwa ngenkani.akubangalula futhi namanje akukho lula empilweni angiphumelele ngokuphathekayo kodwa ngomqondo ngifundile impilo ngyamazi omunye umuntu angimbukeli phansi futhi nginothando nozwelo kwabanye abantu.angimsulwa amaphutha ngiyawenza kodwa kungumusa kimi ngoba ngisakwazi ukumela iqiniso ngihlukanise okulungile nokungalungile.namhlanje ngiyakholwa ukuthi umuntu ngamunye wakhiwe izimo adlule kuzo empilweni kuze abe ilomuntu awuyena namuhla.lalela ungaba umuntu ngenxa yesimo somzimba wakho kodwa kulowo mzimba wakho ngaphakathi kube kuphila ubulwane.kuze uzokhula ungenabo ubulwane mele ukhuliswe umzali onobuntu ebuncaneni bakho ulolongwe unembeza wakho kuze uzozimela eminyakeni ezayo lapho abazali bakho sebengasekho.

26/03/2020

Isaya 26 vs 20
Hambani bantu bami, ngenani emakamelweni enu angaphakathi, nivale iminyango yenu ngemva kwenu. Zifihleni umzuzwana nje kuze kudlule isijeziso.

24/02/2020

YIMUPHI UMBUZO OKUKHATHAZA KAKHULU KULE?

Iyini injongo yokuphila?

Ingabe uNkulunkulu obangela ukuba sihlupheke?

Kwenzekani lapho ufa?

Thola izimpendulo zeBhayibheli zale mibuzo engosini ethi jw.org/zu.(Chofoza ingxenye ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI › IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI)

Sorry, the page you are looking for cannot be found. We recommend you start from our home page, or use the links below. Search JW.ORG Search for articles and multimedia content on jw.org. Bible Teachings The topics in this section show why you can trust the Bible, how you can get the most from it, a...

23/02/2020

UNkulunkulu weqiniso waqondisa abantu ukuba babhale phansi imicabango yakhe encwadini eyodwa engcwele. Leyo ncwadi iBhayibheli. Linezinto ezibalulekile uNkulunkulu afuna uzazi.UNkulunkulu uyazi ukuthi yini esilungele futhi konke ukuhlakanipha kuvela kuye. Uma umlalela, uzohlakanipha ngempela.—IzAga 1:5.

22/02/2020

bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
2 iziKronike 7:14‭

19/02/2020

ISISEKELO SEZWE ELISHA LIKA Nkulunkulu SIYAKHIWA MANJE

17/02/2020

Uzama ukusenza singamlaleli uNkulunkulu. Ukwenza kanjani lokho?16. (a) Yiziphi izindlela uSathane azisebenzisayo ukuze azame ukwenza abantu bayeke ukukhonza uJehova? (b) UDeveli angazama kanjani ukukuvimba ukuba ukhonze uJehova? 16 USathane usebenzisa izindlela eziningi ukuze azame ukusenza singabi abangane bakaNkulunkulu. Uhlasela “njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” (1 Petru 5:8) Ungamangali lapho abangane bakho, umndeni wakho noma abanye abantu bezama ukukuyekisa ukufunda iBhayibheli nokwenza okulungile. Ungase ubone sengathi bayakuhlasela. (Johane 15:19, 20) USathane ubuyeazenze “ingelosi yokukhanya.” Ngakho angazama ukusikhohlisa, asenze singamlaleli uJehova. (2 Korinte 11:14) Enye indlela uSathane ayisebenzisayo ukuze asenze siyeke ukukhonza uJehova, ukusenza sicabange ukuthi sibabi kakhulu ngakho ngeke sikwazi ukuba izikhonzi zikaNkulunkulu.—IzAga 24:10.

LALELA IMIYALO KAJEHOVA17

Lapho silalela uJehova sibonisa ukuthi uSathane unamanga. Yini ezosisiza silalele uJehova? IBhayibheli lithi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho.” (Duteronomi 6:5) Siyamthanda uJehova, yingakho simlalela. Njengoba siqhubeka simthanda nakakhulu uJehova, sizofuna ukwenza konke asicela ukuba sikwenze. Umphostoli uJohane wabhala lokhu: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 Johane 5:3.18, 19.

(a) Yiziphi ezinye zezinto uJehova athi azilungile? (b) Sazi kanjani ukuthi singakwazi ukwenza lokho uJehova athi asikwenze? 18 Yiziphi ezinye zezinto uJehova athi azilungile? Ezinye zazo kukhulunywa ngazo ebhokisini elithi “Zonda Lokho UJehova Akuzondayo.” Ezinye zezinto ezikuleli bhokisi ungase ucabange ukuthi azizimbi kangako. Kodwa lapho ufunda amavesi eBhayibheli akuleli bhokisi futhi ucabangisisa ngawo, uzobona ukuthi kubalulekile ukuba ulalele imiyalo kaJehova. Ungase ubone nokuthi kudingeka ushintshe indlela ophila ngayo. Ngisho noma kungaba nzima ngezinye izikhathi kodwa uma uyilungisa indlela ophila ngayouyoba nokuthula nenjabulo etholakala ngokuba umngane kaNkulunkulu othembekile. (Isaya 48:17, 18) Sazi kanjani ukuthi singakwazi ukushintsha indlela esiphila ngayo? 19 UJehova akalokothi asicele ukuba senze into esingeke sikwazi ukuyenza. (Duteronomi 30:11-14) Usazi kangcono ngoba ungumngane wethu wangempela. Uyazi ukuthi yini okulula nokunzima ukuba siyenze. (IHubo 103:14) Umphostoli uPawulu uyasikh

17/02/2020

UJobe wayemhlonipha kakhulu uNkulunkulu, ekuzonda okubi. (Jobe 1:8) Wayengumngane kaJehova ngempela. 8 USathane wathi uJobe wayekhonza uNkulunkulu ngoba efuna ukuthola izinto ezithile, hhayi ngoba emthanda. USathane wathi kuJehova: “Awuzange yini wena umbiyele yena nendlu yakhe nakho konke anakho nxazonke? Umsebenzi wezandla zakhe uwubusisile, nemfuyo yakhe ithé chithi saka emhlabeni. Kodwa, ngiyacela, ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho ubone ukuthi ngeke yini akuthuke khona kanye ebusweni bakho.”—Jobe 1:10, 11.9

Yini uJehova avumela uSathane ukuba ayenze? 9 USathane wathi uJobe ukhonza uJehova ngoba efuna ukuthola izinto ezithile. Waphinde wathi angakwazi ukwenza uJobe ayeke ukukhonza uJehova. UJehova wayengavumelani noSathane, kodwa wamnika ithuba lokuba avivinye uJobe ukuze uSathane abone ukuthi uJobe wayemthanda ngempela uJehova.

USATHANE UHLASELA UJOBE Yiziphi izinto ezimbi uSathane azenza kuJobe, futhi uJobe wenzani? 10 USathane waqale waphuca uJobe yonke imfuyo yakhe. Ngemva kwalokho wabulala izinceku zikaJobe eziningi. UJobe walahlekelwa yikho konke ayenakho. Ekugcineni, uSathane wabangela ukuba kube nesiphepho esabulala izingane zikaJobe eziyishumi. Kukho konke lokho, uJobe wahlala ethembekile kuNkulunkulu. “Kukho konke lokhu uJobe akazange one noma amsole uNkulunkulu.”—Jobe 1:12-19, 22.

UJehova wambusisa uJobe ngoba wayengumngane wakhe oqotho
UJobe wabonisa kanjani ukuthi uSathane unamanga? 12 UJobe wayengazi ukuthi kunezinto ezimbi uSathane ayezishilo ngaye, nokuthi kungani ayenezinkinga ezingaka. Wayecabanga ukuthi nguJehova obangela izinkinga zakhe. (Jobe 6:4; 16:11-14) Noma kunjalo, waqhubeka ethembekile kuJehova. Kwacaca ukuthi uJobe wayekhonza uJehova ngoba emthanda, hhayi ngoba kukhona ayekufuna. Lokho uSathane ayekushilo ngoJobe kwakungamanga!

Yini uJobe ayithola ngokuba qotho?
13 Nakuba uJobe ayengazi ukuthi yini eyayenzeka ezulwini, wahlala ethembekile kuNkulunkulu wabonisa ukuthi uSathane akalungile. UJehova wambusisa uJobe ngokuba umngane oqotho.—Jobe 42:12-17.LOKHO USATHANE AKUSHOYO NGAWE14, 15. Yini uSathane ayishoyo ngabo bonke abantu?

Ungakhetha ukulalela uJehova futhi ube umngane wakhe othembekile, ubonise ukuthi uSathane unamanga. Ukuba umngane kaNkulunkulu kuyisinqumo esingcono kunazo zonke ongazenza, ngisho noma ngabe kudingeka ushintshe izinto eziningi ekuphileni kwakho ukuze ube umngane wakhe! Lesi isinqumo esibaluleke kakhulu. USathane uthi uma wena ungaba nezinkinga, uzoyeka ukulalela uNkulunkulu.

Address

Box 180
Gingindlovu
2015

Telephone

+27787119022

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izimvu Zikankulunkulu posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izimvu Zikankulunkulu:

Share